Uboshiwe otholwe elele namathambo abantu abafile
AMAPHOYISA aseMasoyi ayoyixoxela amagwababa echobana eyokubopha umlisa obelala namathambo amhlophe qwa abantu akade bafa.
Amaphoyisa aseMasoyi abophe owesilisa, 29, mayelana necala eliphazamisayo lokumbiwa kwamathuna amabili eSwalala, ngaseWhite River kwisifundazwe iMpumalanga.
I-African Imsider ibika ukuthi umsolwa utholwe elele embhedeni wakhe okukholakala ukuthi ngamathambo omuntu eduze kwakhe.Â
Ngokusho kwamaphoyisa, lesi sigameko sivele ngezithuba zabo-13h30 ngoMsombuluko ngesikhathi owesifazane ebika ngokuhlukumeza kwethuna esiteshini samaphoyisa eMasoyi.
Uthe umsolwa umbe amathuna kayise kanye nomkhulu wakhe, abangcwatshwa ngo-2010.
Amaphoyisa ophiko lweMasoyi Visible Policing aphendule ngokushesha aqinisekisa ukuthi amathuna aphazamisekile.
Kube sekuphunywa umkhankaso wokuthungatha womsolwa endaweni yezindlu zomxhaso eSwalala.
Kulapho amaphoyisa ezithole esimweni esixakile nesiphazamisayo.
Kuthiwa athole umsolwa ekhululekile eduze kwamathambo.
Amaphoyisa asola ukuthi amathambo athathwe emathuneni angcolile.
Umsolwa uboshwe khona lapho futhi ubhekene namacala ahlobene nokuhlukumeza amathuna.
Amathambo athathwe njengengxenye yophenyo oluqhubekayo lophiko lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika.
Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseMasoyi maduze.

