Ezokokungcebeleka

Usengunogada umlingisi owaduma kuSABC1

INKAKHA yomlingisi ezakhele udumo idlala emidlalweni ephambili kuthelevishini isisebenza njengonogada.


UThabo Masoga odume kakhulu edlala kwiSkeem Saam kuSABC1, useqashwe wangunogada ebhange eliseLimpopo.


KwiSkeem Saam, ubedlala indawo ka-Ananius ongusomabhizinisi onenhliziyo elukhuni.


Ubesedlale kulo mdlalo iminyaka eyishumi.


Echazela iSunday World, uthe impilo isishintshe kakhulu. 

Usengumuntu ohlala endaweni encanyana ayiqashile enekamelo elilodwa lokulala, ikhishi negumbi lokugeza.

” Ngingufakazi wangempela wokuthi uma izinto zibheda nabangani bambalwa.

“Cishe bonke abangane enganginabo, kuhlanganise negazi lami, bangishiyile,” esho. 


UMasoga wake waba ngumbhali, umqondisi wamafilimu nomculi wevangeli. 


UMasoga uthe izinkinga zakhe ziqale ngo-2023 ecelwa ngabeSkeem Saam ukuba ababhalele iziqephu zalo mdlalo. 


Uthi bayiqeda kanjalo indawo ayeyidlala.Ulahlekelwe yimizi yakhe ebizayo emibili, izimoto eziyisighupha, abangani nezihlobo abenazo esadumile.

Uthe akanawo amahloni ngomsebenzi wakhe omusha njengoba eziphilisa yena nomndeni wakhe. 

“Ngiyawuthanda umsebenzi wami, ikakhulukazi ngoba ngisebenza endaweni yangakithi phambi kwabalandeli bami,” esho. 

Ngaphambi kokuba ngunogada ubeqoqa amathini emigwaqeni yase-Alexandra ebusuku ukuze awanikeze abafana be-nyaope ukuze bamdayisele wona.