Balala bengalele kukhankaselwa olokuchibiyela
KUSHA imikhankaso nxazonke ukulungisela ukhetho lokuchibiyela ku-ward 4 eMpofana eMooi River.
Namuhla uSenzo Mchunu uzohambela induna yendawo njengemizamo yokugqugquzela umphakathi ukuba uvotele i-ANC ngoLwesithathu 14 May.
Uzophinda ahambele induna kanye nenkosi yendawo ukuqinisa amaxhama nobuholi bendawo.
Ngakolunye uhlangothi uMkhonto WeSizwe nawo awuzibekile phansi njengoba ulala ungalele ufuna ukwemuka nale-ward.
Umgqigqo woMkhonto WeSizwe uveza ukuthi uzidlela amahlanga ezindaweni eziningi lapho ungengela khona ukhetho lokuchibiyela.
Lolu khetho lokuchibiyela olubhekwe ngabomvu ludalwe wukudlula emhlabeni kwekhansela le ndawo uMlungisi Malevu ekuqaleni kwalo nyaka.
UMalevu wayeyilungu elithandwayo le-ANC elangena ngasekupheleni konyaka odlule ngoSeptember enqoba okhethweni olwalunzima.
Umsebenzi wakhe omuhle ubonakele yize ebambe lesi sikhundla isikhathi esifushane.
Kulolu khetho i-ANC izogadla ngoMakhosazana Bhengu (osesithombeni) kuthi uMkhonto WeSizwe ungene ngoCosmos Zuma,
I-IFP izongena ngoBongiwe Ntethe Mchunu.

