Izindaba

Umfundisi ohlonishwayo ubhekene necala lokuqamba amanga

UZOVELA enkantolo umfundisi ovule umbombayi wecala.


Le nceku yesilisa eneminyaka engu-68 ubudala, izovela ngaphambi kwenkantolo yeMantshi yasePolokwane ngecala lokunikeza amaphoyisa imininingwane engamanga.

Umbiko wamaphoyisa udalule umsolwa wavula icala lokudunwa kwemoto emgwaqeni u-R37. 


Umsolwa watshela amaphoyisa ukuthi ngomhlaka-11 April kulo nyaka ngezithuba zabo-09:00 ekuseni, wayeshayela imoto  iDaihutsi Tarios ePolokwane.


Wathi wabona abalisa ababili ababecela ukugitshezwa wabasiza.


Umsolwa usola ukuthi ngesikhathi besendleleni, abasolwa ababili bamdune imoto bemkhombe ngesibhamu. 


Uqhube wathi ngalo lolo suku wafica imoto yakhe emgwaqweni u-R37 ingenawo u-gearbox.

Uphenyo lwamaphoyisa lwaholela amaphoyisa eLebowakgomo la kukhandwa khona izimoto. 


Kulapho umnikazi wendawo abikela amaphoyisa ukuthi umsolwa wacela ukuthunyelelwa iloli ngemuva kokuphuka kwemoto yakhe ngenxa yokungasebenzi kahle kuka-gearbox.

Kutholwe ukuthi umsolwa ubeshayelwa umshayeli wakhe ngesikhathi imoto iphuka wabe esekhokha imali engu-50% yokusevisa u-gearbox wakhe wawebiwa.

Kamuva, umsolwa washintsha udaba ukuze aqinisekise ukuthi ukudunwa kwemoto akuzange kwenzeke futhi waboshwa ngokunikeza imininingwane engamanga.

Ibamba likaKhomishana wesiFundazwe uMajor General Samuel Manala lishayele ihlombe amaphoyisa ngokusombulula lolu daba.
Uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka.