UKhoza uyeka ukulingisa
SIHLABANI somlingisi sesimemezele ukuthi siyaphuma ekulingisieni.
U-Abdul Khoza, usememezele ukushiya kwakhe endimeni yezokungcebeleka.
Uveze ukuthi usehoxile ngokusemthethweni ekulingiseni ngemuva kweminyaka eminingi ekulemboni.
UKhoza ufake ivideo ku-Instagwam azisa abalandeli bakhe.
“Ngithathe isinqumo sokuthi ngenze inhlolokhono yami yokugcina engiyenze kulo nyaka ngaphambi kokuthi nginqume ukuvele ngiyeke ukulingisa,” kusho uKhoza.
UKhoza uthe unethemba lokuthi lesi sikhundla sizonikeza abasafisa ukulingisa ulwazi mayelana namaqiniso ohlelo lokuhlungwa.
“Lena kuyindlela engikhombisa ngayo labo abasafisa ukuqhubeka nomsebenzi wokulingisa ukuthi sonke siyahamba ezinqubweni zokuhlungwa kwenhlolokhono,” echaza.
“Ukuze umlingisi athole indawo, kufanele enze inhlolokhono. Lena eyami yokugcina. Ngethemba ukuthi ikunikeza ukuqonda okungcono ngohlelo nendlela esilwenza ngayo.”
Uphinde wadlulisa ukubonga okukhulu kulabo abameseke ohambweni lwakhe lonke, okubalwa nomngani wakhe obesiza kule nhlolokhono.

