Ezokokungcebeleka

I-Toyota Hilux iyintandokazi kubathengi kuleli


I-Toyota Hilux isaqhubeka nokudlondlobala emakethe yezimoto ngokuba yiveni elidayisa kakhulu eNingizimu Afrika.


Nakuba leli veni selikwenze lokhu iminyaka, kodwa lisalokhu liqhwakele phezulu uma liqhathwa nontanga ngokudayiswa kakhulu.


Isizathu salokhu wukuthi lolu hlobo lwemoto lwethenjwa kakhulu ngabantu.


Kusukela emindenini, abalimi, osomabhizinisi bonke bathembela kuyona.


Esinye sezizathu esikhulu ukwethembeka. Akukhathaleki noma ngabe isemigwaqweni yasemaphandleni, ezindaweni zokwakha noma emigwaqweni yasemadolobheni, i-Hilux idlala ngamandla nangokuzethemba. 


Abantu baseNingizimu Afrika bayayazisa imoto ehlala isikhathi eside nekhandeka kalula uma kunesidingo.


Elinye iphuzu, ngelokonga kuphethiloli. Lokhu kubalulekile kakhulu njengoba isimo somnotho sincikisela.


AbakwaToyota baphinda badlisele ngokwenza isiqiniseko sokuhambisana nesikhathi uma kuza kwezobuchwebeshe nesitayela.


Akumangazi ukuthi iToyota Hilux ithathwa njengelungu lo,mndeni eliqavile, umngani ongamethemba uma kungenwa emngwaqeni.