Ezomhlaba

Isishiphelene phakathi kukaTrump noNetanyahu

BUPHELILE ubuhlobo phakathi  kwabangani abangomengameli bamazwe i-Israel ne-United States of America.


Le mibiko engakaqinisekiswa ivezwe umsakazo i-Israel Army Radio ibika ukuthi uMengameli uDonald Trump uthathe isinqumo ‘sokunqamula ukuxhumana’ noBenjamin Netanyahu ngokushesha.


Lo msakazo udalula ukuthi lesi sinqumo singenxa yokuthi uTrump uthi uNetanyahu nethimba lakhe abezwa futhi bayazithwelele kanti abayekile nokukhukhumeza.


Kuthiwa okucika kakhulu uTrump wukuthi laba bazama ukumlawula.

Kuthiwa abasondelene noTrump batshele uNgqongqoshe Wezamasu wakwa-Israel, uRon Dermer, ukuthi umengameli wase-USA uzizwa elulazeka futhi engahlonishwa.


Lo msakazo uveze nokuthi laba abasondelene noTrump bathi kuningi akhohliswa kukhona nguNetanyahu.


Bathi kukhona konke akukho ayikho into ezondwa uTrump ngaphezu ‘kokubonakala sengathi usetshenziswa kalula’ ezweni.


Ngenxa yalezi zizathu, uTrump usekhethe ukuziqhelelanisa noNetanyahu.