Izindaba

Kusolwa i-ANC ngokukhankasa ngemicimbi kahulumeni

Iqembu loMkhonto weSizwe (MK) selifake isikhalo kuKhomishini ezimele yoKhetho (IEC) ngobuholi be-ANC KwaZulu-Natal.


UNobhala-Jikelele we-MK uFloyd Shivambu unameke ku-X  wakhe  incwadi ayibhalele i-IEC.

Uthe sekufikile kubona ukuthi i-ANC KwaZulu-Natal isebenzisa imicimbi kahulumeni nezidingo zomphakathi ukhankasela ukhetho lokuchibiyela oluzoba ku-ward 4 eMpofana ngoLwesithathu oluzayo.

Usole i-ANC ngokusebenzisa imicimbi kahulumeni ukukhankasa nokugqugquzela abavoti ukuba bavotele uhulumeni we-ANC.

Uveze ukuthi lezi senzo se-ANC senze amalungu oMkhonto WeSizwe Party kulesi sifundazwe, aphoxekile futhi ashaqekile ngalokhu.  

Okushiwo uShivambu kuhlale obala emcimbini woMnyango wezeMpilo obuseMpofana lapho kubonakale kuhlonywe namabhodi kaKhongolose.

“EMandeni ku-ward 18 badlulisele umcimbi kahulumeni ewadini ezinsukwini ezine ngaphambi kokhetho futhi basebenzise izinsiza zikahulumeni ukukhankasela i-ANC. 

“Sabahlula yize kusetshenziswe kabi izinsiza zikahulumeni. Kumanje benza into efanayo naseMpofana ku-ward 4, bathatha uhlelo lukahulumeni sekusele izinsuku ezine kube nokhetho.”

UShivambu uthe ulindele ukuthi i-ANC isebenzise izindlela zokuziphatha uma ikhankasela ukhetho.

” Woza ngoLwesithathu ngesonto elizayo, uMkhonto WeSizwe  uzowina u-ward 4 eMpofana nakuba kunenkohlakalo nemidlalo engcolile eyenziwa yi-ANC,” usho kanje.