Ezemidlalo

Indumalo kwabebhola bephoxwa abaseMsunduze

BAKHALA bayazithulisa abathandi bebhola baseMgungundlovu kulandela ukugilwa wuMasipala waseMsunduzi ngodaba lweNedbank Cup.


Lo masipala uveze sekusele imizuzu kuqale umdlalo wamanqamu weKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ukuthi ngeke usabukiswa eCarbineers Garden.


Isimemezelo senziwe kuFacebook wekhasi lalo masipala kanti iningi labantu bazibonele sebefika kule ndawo kulenga ingidi enkulu esangweni.


Le ndawo bekulindeleke ukuthi ibe ngenye ebezizothoba izinhliziyo abalandeli bebhola abangawatholanga amathikithi okuyobuka lo mdlalo bukhoma eMoses Mabhida Stadium eThekwini namuhla.


Lokhu kwenze ukuthi iningi lizibone lilahliwe futhi lephukelwe yizinhliziyo njengoba bebenethemba lokuthi bazojabula ndawonye bebuka lo mdlalo omkhulukazi wamanqamu odlalwa ngomkhaya.

UMasipala uxolisile kodwa wangachaza isizathu sokuhoxisa ukubukwa kwalo mdlalo,