Usesikiti obanjwe edayisa aweNedbank Cup
SEKUYE ngamagama enkehli kuboshwa umlisa ngokubanjwa edayisa amathikithi omdlalo wamanqamu wendebe yeNedbank eMoses Mabhida eThekwini.
Amaphoyisa abike ukuthi kuboshwe owesilisa otholakale edayisa amathikithi osuku lomdlalo ngaphandle kwenkundla iMoses Mabhida.
Lo mdlalo uphakathi kwe-Orlando Pirates neKaizer Chiefs kowamanqamu weNedbank Cup.
Amathikithi atholwe ewadayisa anikezwe abaxhasi.
Uphinde watholakala namabhande asehlakaleni abehloselwe ukuthi anikezwe abahlinzeki abasebenza enkundleni yezemidlalo.Â
Ukuboshwa kwalo msolwa kwenzeka ngemuva kokuthi uKhomishana wamaPhoyisa KwaZUlu-Natal uNhlanhla Mkhwanazi okuthi abangenawo amathikitjio bangasondeli enkundleni.
Uthe abazowadayisa bazolala bebaliwe.
Nakuba kungakaqinisekiswa kodwa angase avele enkantolo kaMatshi eThekwini ngoMsombuluko eyobingelela imantshi.
Ngesikhathi sokuloba, amaphoyisa abesabike ngalesi sigameko kuphela kanti wona amaphoyisa athe chithi saka eThekwini.
isizathu salokhu wukuqapha nalaba abasonge ngezibhelu ngenxa yokuthi abawatholanga amathikithi okuyobuka lo mdlalo omkhulukazi eMabhida.

