Izindaba

Kufe abebefunelwa amacala abucayi eMophela

BALALE emakhazeni abasolwa abahlanu abafe ngemuva kokudubulana namaphoyisa eMophela eHammarsdale ebusuku.


Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uRobert Netshiuda uthe amaphoyisa abelandela umkhondo othinta amacala abucayi enzeke ekuqaleni kwalo nyaka.


Lo mkhondo ubaholele kulabasolwa abahlanu abakade behamba ngemoto.


Abomthetho bazamile ukubamisa kodwa kwasho ukuthi abakugqizi qakala lokho.


Okulandele lapho kube wukudutshulwa kwamaphoyisa nawo abe eseziphindisela kwagcina kusale enkundleni abasolwa abahlanu.


Kulaba basolwa kukhona abathinteka ecaleni lokubulawa kowesilisa nowesifazane abebeganene.


Abanye ababili basolwa ngokuthinteka emacaleni okubulawa kwamaphoyisa amabili. Endaweni yesigameko, amaphoyisa athole izibhamu ezintathu nezinhlamvu.


Ngesikhathi sokuloba, izidumbu bezisasendaweni yesigameko, namalunga omphakathi ebukela yize eqhuqhwa amakhaza.