Kucishe konakala umshayeli wetekisi ekhishwa yisisu
KUBE wumzuzu onzima kumshayeli oxuxuzelwe yisisu esemgwaqeni eshayela itekisi nokugcine kuphoqa ukuba ayolahla itshe lentaba.
Umshayeli ongu’malume’ wabafundi besikole utshele uthe uyoyixoxela amagwababa echobana eyokushintshelwa yisisu esemgwaqeni.
Uthe ubeqeda kushiya abafundi esikoleni ngesikhathi kwenzeka lokhu.
Uchazele abeRUSA ukuthi ukuthi ujikelwe yisisu kwangathi unamajaqamba.Â
Ngokuqhubeka kwesikhathi isisu sigcine sesingasabekezelekeki wamisa imoto eceleni komgwaqo ukuze ayozikhulula ehlathini.
Kuthe sekuqala ukuthi hhu esiswini wabona ngetekisi ligingqika limlandela liza ehlathini la abezikhulula khona.
Uqhube wathi ubonile ukuthi itekisi ibigingqika, kodwa wangakwazi ukuyithola kusenesikhathi ukuze ayimise. Imoto yonakale kancane.
Kwakhona ukuthi kuphuthume abosizo, kusize ukuthi ilungu lomphakathi ngabo -08:16 ekuseni.
Libike ngokubona imoto eyiToyota Quantum ebomvu engenamuntu igingqika ingena emasimini omoba.
Ilungu lomphakathi lisize umshayeli ukuthi adonse ibhasi elincane libuyele emgwaqeni.

