Kuphelile ukugqebheza kubafundi basePhezulu High School
KUPHELILE ukugqebheza kubafundi besifazane basikole saseMpumalanga Township eHammarsdale.
Indaba yabafundi abagqoka umfaniswano wesikole omfishane ngokwedlulele isiwumlando kubafundi besifazane njengoba kuthiwa baqaqisiwe imiphetho zathi ukweluleka.
Lokhu kuthiwa kwenziwe ngabakhala ngokuthi lezi zingane ziqhuqhwa amakhaza ngenxa yemifaniswano eyizigqebhe ngokwedlulele.
Kuthiwa abanye abafundi baze babe npohlevane baqhuqhwe amakhaza eveza izithende zezinqa.
Ezinkundleni zokuxhumana izithombe zabafundi basePhezulu High School beqaqiswa imiphetho yeziketi ukuze zithi ukweluleka kancane.
Nakuba kukhona abakhindayo, bakhona abanye abafundi besifazane abagqoka iziketi ezilingene kahle nezikhombisa ukuba nesizotha nezihloniphekile.
Umfundi okhulume neZisematheni ngasese, uthe abanye abafundi bakujabulele okwenziwe ngoba kukhona abafinyeza iziketi ngamabomu ngoba befuna ukukhinda.
Ngaphandle kodaba lokukhinda kwabafundi, iPhezulu High School iyahlonishwa ngenxa yokuthi izinga lokuphasa kwabafundi bakhona lihlezi liseqopheleni eliphezulu.

