Izindaba

Ngeke bahole abampimpe imeya kwiMK Party

UBHOKA ngolaka oyiMeya ye-ANC kuMasipala waseMpofana KwaZulu-Natal eMidlands kubasebenzi be-EPWP ngokuthi bamumpimpe kuMkhonto WeSizwe Party.


Sekuputshuke izwi likaMaureen Magubane ebhoka ngolaka esabisa laba basebenzi ngokuthi ngeke bayinuke imiholo yabo ngoba ba putshuzele iMK imininingwane eseqenjini likaWhatsApp ethinta yena.


Kuthiwa kuze kufika ekusatshisweni  nje, indaba iqale ngokuthi umeya etshele abasebenzi ukuthi baphume bayovota ngokukhethekile ngaphambi kokhetho lokuchibiyela lwakusasa.


KwiVoice note uqhube wathi uma bengakwenzi lokho, “ongayanga hayi angazi.”


KUthiwa ngemuva kwemizuzu ethumele lowo mlayezo, kukhona oshuthe konke wadlulisa nomlayezo kwathunyelwa ku-MK Party yasendaweni.


Kuthiwa lokho kumndaweni, lokho kwamthukuthelisa uMagubane.

Ubuyele kuWhatsApp efuna abasolwa ngokuputshuza. 


Uzwakala ethi  wathi uthole abathathu. Ube esefunga egomela ukuthi ngeke bawunuke umholo wabo.


Kwi-Voicenote uzwakala ezishaya isifuba ethi uwugadile umzila akukho muntu wahola futhi ngeke awahambise amaphepha okuthi bahole.