Izindaba

UMasipala iMpofana uphika eyezinsongo zakuWhatsApp

IHHOVISI likaMeya we-ANC kuMasipala iMpofana seliveze ukuthi lizovula icala kulabo abasabalalisa ukuthi yimeya le ezwakala isabisa abasebenzi bakwa-EPWP.


Isitatimende esikhishwe yiHhovisi likamaspala iMpofana liphikile ukuthi yizwi leMeya uMaureen Magubane leli elizwakala lisabisa abasebenzi.


Lo masipala uisole amanga abhebhethekiswa ngabathile ngoba nakhu kunokhetho lokuchibiyela ku-ward 4 kule ndawo kusasa.


“Sesizwile ngamazwi asabalele ezinkundleni zoTik Tok noFacebook okuthiwa ngelikaMeya,” kusho isitatimende.


Siqhuba sithi akusilo nhlobo izwi lemeya uMaureen Magubane leli elizwakalayo nelisematheni ezinkundleni zokuxhumana.


Isitatimende sisola abathile okukholakala ukuthi banezamo yokudidisa abavoti.


Senaba sithi imeya ayisoze nje yasabisa abasebenzi noma abathinteka ezinhlelweni zokusebenza ngale ndlela.