Izindaba

Usale ecimezile ethandaza obanjwe ngesalamuzi

USALE ecimezile ethandaza yedwa owesifazane oqolwe edolobheni eVerulem.


Owesifazane ona-26 weminyaka udlale amaqola akhale amathathu kulandela ukumthembisa ukuthi imali yakhe izovele iphindeke kabili kwanayo uma ethandaza kanye nabo.


Encazelweni ayinike abakwaRUSA, lo wesifazane uthi ubezihambeka yedwa eVerulem ngesikhathi kuqhamuka abesifazane ababili nendoda.


Uthe bambuze ukuthi unamalini. Okulandele lapho bathe noma imalini anayo bangamsiza ngokuthi bayithandazele ivele iphindeke kabili.


Akapholisanga maseko, waqonda emshinini wokukhipha imali wadomsa uR250.

Uthe bawugoqe phambi kwakhe ngephepha base belifaka esikhwameni sakhe.

Bathe akabhale inambolo yakhe eyimfihlo yasebhange (PIN) kulelo phepha ngoba amadlozi azoyidinga uma esemfakela imali.

Lo wesifazane uthe uyibhalile iPin kulelo phepha njengomyalelo.

Ube ukuyibhala iPin bamtshela ukuthi akacimeze-ke bathandaze.

Kuthe uma esethi ‘Amen’ evula amehlo bonke laba abethandaza nabo babengasekho.

Bashaye bachitha nemali, ikhadi lasebhange nephepha eline-Pin.

Usizi lwedlulelile esevula isikhwama ebheka imali ngoba mayesivula uthole amaphepha amadala.