Izindaba

Igcine yesulile esikhundleni inkosi yezimeya

INKOSI yeziMeya isisule isigubhukane esikhundleni sayo.

UMfananaye Mathe wesule izolo esikhundleni sakhe kwisigungu esiphezulu nasesikhundleni sobumeya kumasipala waseJozini.


Encwadini ayibhalele ihhovisi likaSomlomo, uMathe ubonge ithuba alinikwe lokuba yisisebenzi somphakathi selokhu angena kuleli hhovisi.


Incwadi iveza ukuthi ibhalwe ngoMay 13.


Nakuba esulile uMathe, bekulindelekile ukuthi ashiye kuleli hhovisi kulandela ukuthi inhlangano ayimele i-IFP imchithe njengamanzi kanye nesigungu abehambisana naso.


Ngokwemibiko, imeya entsha izokhethwa ngoLwesihlanu ngoMay 16.


Lezi zindaba zethuse abaningi abebengazilindele lezi zindaba.

Nakuba kunjalo kodwa i-ANC izamukele ngezandla ezimhlophe lezi zindaba.Kuzokhumbuleka ukuthi i-ANC iyona nhlangano ephikisayo kulo masipala.