Izindaba

Kume nse ukufunda eMfolozi TVET

SIVALWE thanqa isikhungo semfundo iMfolozi TVET College eMandeni Campus.


Ukuvalwa kwalesi sikhungo kungenxa yokuqhubeka kwezinkinga ezisikhungethe ezilokhu ziqhubekile.


Ngokombiko weNorth Coast Courier, ukuvalwa kwalesi sikhungo kube yimbangela yokungaholi kwabasebenzi.


Enye imbangela kuthiwa ngeyesikhalo sabafundi sokungaphathwa kahle kwesikhungo.


Onogada kuthiwa abakaze bakhokhelwe kusukela ngoJanuary kulo nyaka.

Unogada nomholi wemibhikisho uNkk Nobuhle Nxumalo utcashunwe ethi  abakaze bahole kusukela ngoJanuary.

“Sinemindeni okumele siyiphakele kanti ezinye izibopho ziyaphela ngenxa yalokhu,” kusho yena.

Lo mbhikisho, osungena esontweni lesibili, kuthiwa uhlangatshezwe ngabaphathi bekolishi, naphezu kokukhungatheka okukhulayo kubasebenzi nabafundi.

“Sifuna ukwazi ukuthi kungani siqashwa yisikole ukuthi senze izidingongqangi ekubeni singenayo isabelomali saso,” kusho uNxumalo.

UMkhandlu Omele Abafundi (i-SRC) nawo uthumele imemorandamu eyihlazo kumphathi wekhampasi, esho ukuwohloka kokusebenza kwezemfundo, ukungaphathwa kahle, kanye nengqalasizinda embi.

Kodwa-ke, omunye wabamele i-SRC utshele i-Courier ukuthi abafundi abazwakalise ukukhathazeka kusolakala ukuthi babhekana nokusatshiswa kanti abanye baxoshwa esikoleni.

“Asinazo izincwadi zokufunda futhi awekho amakilasi aqhutshwayo – sibona ikilasi kuphela uma kufanele sibhale izivivinyo,” usho kanje.

Lokhu kuholele ekutheni kube nokufeyila kakhulu ezifundweni zabo, bathi.

Phakathi kwezinye izinto eziphakanyiswe yizindlu zangasese eziphukile, ukushoda kwezincwadi zokufunda, amathuluzi okufunda amancane kanye nokwephulwa kwamalungelo.

I-SRC icele umphathi wesikhungo ukuthi asule, iveze ukuthi uguquko lobuholi lubalulekile ukuze kubuyiswe ukwethenjwa nobuqotho ezifundweni.

Bafune impendulo esemthethweni kubaphathi bekhampasi ngokushesha.

Imenenja yaseMfolozi TVET College yaseMandeni Campus ibingatholakali ngesikhathi sokuloba.