Libuyela enkantolo elenkosi esolwa ngokudlwengula
LIBUYELA enkantolo namuhla icala lenkosi yakwaBhidla eBulwer esolwa ngokudlwengula umfundi.
UThulabezwe Godo Dlamini ubuyela enkantolo yeMantshi iHlanganani nokuyilapho kuyoqhutshekwa nokulalelwa kwesicelo sakhe sebheyili.
UDlamini ubhekene necala lokudlwengula umfundi oneminyaka engu-18.
Umbiko wamaphoyisa waveza ukuthi umfundi wagitshezwa wuDlamini emotweni yakhe.
Kuthe uma esecela ukwehla, uDlamini washosholoza njalo waze wayoma ehlathini.
Kukholakala ukuthi kulapho azitika khona ngalo mfundi.
Umsolwa ubevele kule nkantolo ngoMsombuluko.
Lesi senzo sigxekwe kakhulu nawuNgqongqoshe wamaohoyisa uSenzo Mchunu.

