Ezokokungcebeleka

Tetemuka ngobutsetse beToyota Urban Cruiser

I-Toyota Urban Cruiser iyi-SUV esezingeni elicokomeke uma iqhathaniswa kanti futhi iphethe isitayela.

Lobu butsetse bemoto yakhiwe yaqina ngaphakathi, yanamandla kanti futhi ayidli kakhulu nasephaketheni ezitolo.

Le moto yakhiwe ngendlela yokucatshangela abagibeli basemadolobheni ikakhulukazi labo abanemindeni emincane.

Ubuhle bayo ngaphakathi nangaphandle kukuheha ukude le.

Lapho singabala ingaphandle layo eliigqame nelikhanga ngamalambu angaphambili eLED, kanye ne-sporty stance.


Ngaphansi kwe-hood i-Urban Cruiser iphuma nenjini engu-1.5 litre ehambisana no-gearbox onamagiya amahlanu noma amane azishintshayo.


Injini yale moto isebenza okomlingo njengoba iseqopheleni elicokeme.


Ihlaziywa njengenye yezinjini ezingele ukuhamba kamnandi edolobheni emigwaqweni emikhulu.


Ihamba phambili ngokonga uphethiloli njengoba izibalo ziveza ukuthi ilinganiselwa ku-6.1L/100km, okuyenza ibe yintandokazi kubashayeli njengoba nesimo somnotho singesihle.

Ngaphakathi, i-Urban Cruiser inikeza ikhabethe elinethezekile nelisebenzayo. 


Igabe ngezentokozo zeqophelo eliphezulu nezesimanje okubalwa kuzona  i-infotainment system engu-7-inch touchscreen ene-Apple CarPlay ne-Android Auto.


Iphinde ishaye ngezilawuli ezifakwa kwisiteringi ne-automatic climate control. 


Izihlalo zangemuva zivulekile, kanti ibhuthi linesikhala esingu-328 litres, esinwebekayo uma izihlalo zilaliswe phansi.


Mayelana nezokuphepha, iSUV ihlanganisa ama-airbag amabili, ABS ane-EBD, amasensa okupaka ngemuva, nezinsimbi ze-ISOFIX zezihlalo zezingane. 


Okunye okuhlukile kunikeza amakhamera  engeziwe. 


Yize ingakhelwe ukuzihambela ngaphandle komgwaqo, i-Urban Cruiser ikwazi ukutetemuka emigwaqweni ewubhuqu namabhampa esivinini kalula.

Lokhu kungenxa yokuthi ithe ukuphakama kancane.

Sekukonke, iToyota Urban Cruiser iyathengeka ngoba ingenye yezimoto ezakhiwe ngobuchule, ithembekile futhi ayimbi eqolo.

Kubalulekile ukuveza ukuthi  intengo yayo ilungele izakhamuziÂ