Usekhalelwe amasongo kaS’gonyela uBreezy
KUVUKE isisho esithi icala aliboli ngesikhathi uChris Brown eboshwa namuhla.
Lesi sihlabani somculo sase-USA siboshwe ehhotela iManchester e-England ngezinsolo zokushaya kanzima.
Uvukelwe yicala lakhe lakudala elenzeka eminyakeni emibili edlule.
Kulapho esolwa khona ngokuthi washaya umdidiyeli womculo u-Abe Diaw ngebhodlela le-tequila iDon Julio 1942.
Kuthiwa kwathi kusamangazwa ukumphihliza ngebhodlela wasemkhahlela.
Iziphathimandla zimvalela ngezithuba zabo-2 ekuseni..
Leli cala eselimfaka esikiti lenzeka ngoFebruary 2023 ekilabhini yaseTape esifundeni saseMayfair eLondon.Â
Esitatimendeni uDiaw wathi : “Wangishaya ekhanda kabili noma kathathu.”
Lesi sigameko sakamuva sengeza emlandweni wezomthetho omude wokuthandwa yijele kukaBrown.Kushaye isikhathi sokuloba, uChris Brown nabameli bakhe bengakasikhiphi isitatimende.

