Izindaba

Sekubulawe inqwaba yabantu eMlazi

SEKUDUTSHULWE kwabulawa abantu abayisishiyagalombili emijondolo yaseMlazi kwa-U, eningizimu yeTheku.


Kwabashonile kubalwa abesilisa abayisithupha nabesifazane ababili.


Ulwazi olusavele lukhomba ukuthi laba abadutshuliwe bebezijabulisa beziphuzela ndawonye ngesikhathi bedutshulwa bebulawa.


Isizathu asikacaci okwamanje kodwa ulwazi olusavele luthi bekungekhona ukuthi bebegetshengwa.


Amaphoyisa asendaweni yesigameko kanti uphenyo luyaqhubeka.


Akuqali ukuthi kube nesigameko esifuze lesi eMlazi.


Kuzokhumbuleka ukuthi kuke kwadutshulwa abantu abaningi ngesikhathi esisodwa ngale ndlela kwaV  ngo-2024 naseQ Section (2023).