Izindaba

Usinde ethunjwa owayengumseshi ecaleni likaMeyiwa

OWAYENGUMSESHI ecaleni likaSenzo Meyiwa ubanjwe inkunzi wasinda ecishe ethunjwa. 

Lesi sigameko senzeke ngoLwesine, 15 May 2025, eLombardy East, eGoli. 

UKhomishana kaZwelonke wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS), uGeneral Fannie Masemola, usiqinisekisile isigameko.

Umbiko wamaphoyisa uveza ukuthi lowo owayengumphenyi, ubehamba ngemoto yombuso.

Ulandelwe ngabasolwa abamphoqe ukuthi ame bazama ukumthumba. 

Umseshi ukwazile ukuzabalaza wagcina ekwazile ukuphunyuka abaleke.

Ngesikhathi egetshengwa, kwebiwa isibhamu sikahulumeni, izinhlamvu, ijakhethi yamaphoyisa, ilaptop, ama-USB namakhophi emibhalo ephathelene necala likaMeyiwa. 

UGeneral Masemola ukugcizelele ukuthi izinto ezebiwe bese zidaluliwe ezinkantolo.

UKhomishana wesiFundazwe saseGauteng uLieutenant General Tommy Mthombeni, uzohola ithimba labaphenyi eliqokwe ukuphenya lolu daba. 

UMasemola uqinisekise umphakathi nomndeni wakwaMeyiwa ukuthi lesi sigameko ngeke sibe nomthelela ecaleni eliqhubekayo.