Wenqatshelwe ibheyili uChris Brown
UZOGQOUNYWA esitokisini umculi obhekene nezinsolo zokushaya ngenhloso yokulimaza.
UChris Brown uzoke athi ukuhlala amasonto amathathu ngaphakathi ejele lase-London ngenxa tokuthi wenqatshelwe ibheyili.
Inkantolo yeMantshi eManchester inqume ukumgcina kuze kube uJune13.
Okwamanje akakabuzwa ukuthi uyalivuman noma uyaliphika yini icala.
UChris Brown ubhekene necala lokusukela uphrojusa womculo okuthiwa wamshaya ephindelela kathathu ngebhodlela lotshwala ekhanda.Â
Lesi sehlakalo senzeka eminyakeni emibili edlule njengoba esebanjwe manje.
Emva kwalokho wamkhahlela kanzima waze waguqa ngamadolo.
UBreezy uboshwe esehhotela ezonandisa ekhonsathini.
Ukuboshwa kwakhe sekuzophazamisa izinhlelo zakhe zokunandisa emakhonsathini amaningi.

