Abakwa-Sassa bachitha amahlebezi ngemali yeqolo
KUZOFANELE behlise umoya abesebejabule kakhulu becabanga ukuthi imali yesibonelelo izoholwa kabili ngenyanga ezayo.
Lamahlebezi asabalele ezinkundleni zokuxhumana asechithwe ngabakwaSouth African Social Security Agency (SASSA).
I-SASSA ithe le mibiko engamanga isibangele ukwethuka kwabahlomuli bayo abangaphezu kuka-19 million.
Lesi sikhungo sigcizelele ukuthi okuwukuphela kokukhushulwa kwezibonelelo okwamenyezelwa yilezo ezenziwa eSitatimendeni Senqubomgomo yoMnyango Wezezimali ngoMarch nokuthi ukwenyuka okusemthethweni okulandelayo kuhlelelwe u-October.
“I-SASSA ingakubeka kucace ukuthi azikho izimemezelo ezenziwe ngokukhokhwa kabili kwezibonelelo ngoJune.Â
Le mibiko ayilona iqiniso futhi kufanele ichithwe ngendlela efanele,” kusho uPaseka Letsatsi, okhulumela i-SASSA kuzwelonke.Â

