Akasavumelekile ukuba kuleli u-Omotoso
UMnyango wezaseKhaya usudalule ukuthi uMvangeli Timothy Omotoso ungumuntu ongavumelekile futhi ongafuneki eNingizimu Afrika.
Lokhu kushiwo njengoba namuhla ebelifulathela elakuleli elibangise kwelakubo eNigeria.
Uqhube waveza ukuthi uyoze akwazi ukufaka isicelo kabusha sokubuyela eNingizimu Afrika ngemva kweminyaka emihlanu.
UMnyango wezaseKhaya uthe lokhu kugcizelelwe kwabe sekuxoxwa no-Omotoso.
Uhambo lwakhe lulandela emva kokuva enqunyelwe ugwayi katiki wokuba abuyele kwelakubo kungakapheli izinsuku eziyishumi.
Ngesonto elidlule waboshwa kodwa waphinde wadedelwa ngenxa yokuvela kokuthi izinsuku eziyishumi ayebekelwe zona zazingakapheli.

