Injabulo kubuya umholi oqavile woMkhonto WeSizwe
INJABULO kubuyela ekhaya isethenjwa esaba neqhaza elimqoka ekusungulweni kweqembu uMkhonto WeSizwe Party.
Kuthe lishona elayizolo uPhumlani KaMfeka ophinda abe ngumholi weNjeje yabeNguni, esekhiphe isimemzelo sokushaya ibuya kuleli qembu.
Encwadini ayibhalelele uMgqugquzeli weMK Party KwaZulu-Natal uWillies Mchunu, uveze ukuthi akasapholisi maseko kodwa ubuya ngawo umzuzu abhale ngayo incwadi.
Uthe ubuyela ngaphansi kwesifunda uMkhanyakude, eMtubatuba Sub- Region ku-ward 2.
Lezi zindaba zibukeka zibajabulise kakhulu abakuleli qembu njengoba ukubuya kwakhe kusho lokhulu emakhosini, izinduna kanye nabelaphi nendabuko.
Ubuya nje uMfeka, lisanda kujoyinwa uNhlakanipho “Cheese” Sibisi obenguMgcinimafa nelungu eliqavile esifundeni iMzala Nxumalo, KwaZulu-Natal kuKhongolose.

