Owe-EFF uyalele abantu ukuba badle umhlaba
UNobhala-Jikelele we-EFF, uMarshall Dlamini, usenxuse amalungu eqembu ukuthi adle noma yimuphi umhlaba abawuthola ungahlali muntu.
Ukusho lokhu emgubhweni wokujabulela ukunqoba isiphakamiso sokwenyuswa kwentela eTshwne namuhla.
UDlamini uthe umthetho osayindwe nguMengameli wezwe uCyril Ramaphosa wokubuyiswa komhlaba ufuna ukusetshenziswa ngempela.
” Ukunqoba koqobo kwe-EFF kuyoba ukubuya komhlaba. Kulapho-ke siyoyeka ukulwa. Lokhu kunqoba (VAT) okuncane nje sifuna umhlaba wethu ubuye,” kusho uDlamini.
Ube eseyalela izinkumbi zabantu ebebethamele lo mcimbi ukuba badle noma yimuphi umhlaba abawutholayo.
Le nkulumo kaDlamini iphelezelwe yihlombe nomlilizelo kwabayithakaselile.

