Kumiswe isikhulu somnyango ngenxa yomcimbi weMK Party
KUMISWE isikhulu soMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi esithathe ikhefu lokugula kanti siyokwethulwa ngokusemthethweni eqenjini lepolitiki.
ISunday World ibike ukuthi uNhlakanipho “Cheese” Sibisi, ucele ikhefu lokugula emsebenzi ukuze ayothulwa ngokusemthethweni uMkhonto WeSizwe Party njengelungu elisha.
Encwadini ebhalwe ngoMay 18, uDkt Vish Govender, ibamba lenhloko yomnyango, wagunyaza ukumiswa kukaNhlakanipho oyimenenja yesifunda saseZululand ehhovisi lesifunda esisogwini olusenyakatho, oLundi.
USibisi, usanda kulaxaza i-ANC lapho ebenguMgcinimafa esifundeni uMzala Nxumalo (Zululand).
Incwadi ebhalwe ngumnyango iveze ukuthi uNhlakanipho  ufake isicelo sekhefu lokugula kusukela ngoMay 10 kuya June 13 ethi akaphilile futhi ewuhola ugcwele phama.

