Utholwe emsulwa obebhekene nelokweba amaphepha okuvota
AHOXISIWE amacala abebhekene nesikhulu sakwa-IEC okweba amaphepha okuvota.
UMusawenkosi Mnikathi uvele eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu namuhla ngoLwesibili, lapho kuhoxiswa khona amacala abebekwe wona.
UMnikathi oyisikhulu seKhomishini yoKhetho KwaZulu-Natal yaseNingizimu Afrika (IEC) ubebebhekene namacala okweba izinto zokuvota ngesikhathi sokhetho
lukazwelonke lwango-2024.Ngesikhathi sokhetho lukazwelonke ngonyaka odlule, uMnikathi ubeyimenenja elokishini eMbali.Â
UMkhonto WeSizwe Party wamvulela amacala zokuthi ubethutha amabhokisi okuvota ngaphandle kokugadwa ngamaphoyisa.
Inkantolo ithole leli cala libuthaka futhi lintekenteke.

