Izindaba

UTrump uqhubeke namanga phambi kukaRamaphosa

KUHLALE obala ukuthi umengameli wase-USA akazimisele ukuzwa incazelo ayinikwayo ngesimo sezobugebengu esingesihle eNingizimu Afrika.


Lokhu kubonakale kahle ohambweni lukaMengameli uCyril Ramaphosa nethimba lakhe lokuyobhunga noDonald Trump e-Oval Office eWashington DC.


URamaphosa nethimba lakhe lichaze kwacishe koma amathe, kodwa uTrump ubukeke engazimisele ukujika umqondo.


NgokukaTrump, leli lizwe libi futhi libhuqabhuqa abalimi abamhlophe njengoba ethe baningi abafisa ukufudukela eMelika.


Omunye ophinde wakubeka obala ukuthi ukubulawa kwabantu nobugebengu yinto ebhekene nazo zonke izinhlanga, usomabhizinisi uJohan Rupert nomholi weDA uJohan Steenhuisen.

Akumangazanga ukuthi kuthe kungalindele muntu uTrump wayalela ukuba kudlalwe ivideo enoMalema ekhuza izaga okuzwakale umholi woMkhonto WeSizwe Party uJacob Zuma.