Izindaba

Kufunwa usomatekisi waseMsinga ngezinsolo zokuzama ukubulala

AMAPHOYISA aphansi phezulu athungatha usomatekisi waseMsinga osolwa ngecala lokubulala.

Umbiko wamaphoyisa udalule ukuthi uRichard Zwakushiwo Dlamini odume ngelikaMasiliva ufunelwa izinsolo zokuzama ukusoconga usihlalo kasoseshini wamatekisi aseMsinga.

Umbiko wamaphoyisa uthi uMasiliva nomlisa othlle bahlasela usihlalo walamatekisi ngoJanuary 2018 ezihlalelel emotweni eyiveni.

Isitatimende sithi umsolwa nayehamba naye badubula amahlandla amaningi ngezibhamu.

Isisulu sasinda kwase kuvulwa icala lokuzama ukubulala ukuze kuphenywe.

Umsolwa selokhu abaleka ngaleyonkathi kanti kukholakala ukuthi ubhace eGoli nokuyilapho enematekisi khona.

Owayehamba noDlamini wadutshulwa wabulawa erenki yamatekisi eyaziwayo eGoli. 

Amaphoyisa acela noma ngabe ngubani ongaba nolwazi ukuphi ukuthi athinte uWarrant Officer Mbatha ku-076 525 1793 noma ashayele inombolo ye-crime stop ku-08600 10111.