Izindaba

Wenqatshelwe ibheyili osolwa ngokuhlukumeza abafundi baseBizimali

UNQATSHELWE ibheyili umlisa osolwa ngokuhlukumeza ngokocansi abafundi besifazane baseBizimali High School eNhloshane eNkandla.


UKhumbulani Ngubane (28) uvele enkantolo yeMantshi ePinetown namihla emini.


Namuhla ubeyobhekana necala lokweqa esitokosini eMarianhill lapho ebetoke khona.


Ubanjwe amaphoyisa namuhla ekuseni eyokhendla enyangeni  nokukholakala ukuthi ubezama ukugqihela amacala abhekene nawo.


Umbiko wamaphoyisa uveze ukuthi uthole ehostela eDalton.Mayelana nezinsolo zokudlwengula abafundi, uNgubane eKhombe eNkandla uma esededeliwe kulenkantolo.


Okwamanje uzogcinwa esteshini samaphoyisa eDurban North.