Ezomhlaba

Isiqalile ukuvela iminkenke yengcindezi ye-USA kuleli

SELUQALILE ukuthela izithelo uhambo lukemengameli wakuleli lapho ebevakashele e-USA kuleli sonto.

Kuleli sonto uMengameli uCyril Ramaphosa nethimba lakhe bazithole behlazeka emhlabeni ngesikhathi beyoba namaxoxo noMengameli uDonald Trump.

Phezu kwalokhu kuhlazeka sekuhlale obala ukuthi ingcindezi evela kuTrump nethimba lakhe isidale ukuthi uhulumeni wakuleli angapholisi maseko kodwa amemezele ukuxegisa imigomo yeB-BBEE kwi Information and Communication Technologies (ICT).

Lokhu kwenzelwa ukujabulisa u-Elon Musk ozoletha izinkampani zakhe iStarlink neTesla.

Nakuba kunjalo, uMusk akakufihli ukuba nenzondo ngeNingizimu Afrika nokweseka ubandlululo nalabo abanezinhloso zokubuyiswa kwengcindezelo kwabampisholo.