Izindaba

Kuboshwe osongela uRamaphosa

KUBOSHWE umsolwa oneminyaka engu-28 ubudala eGauteng ngokusabisa uMengameli Cyril Ramaphosa.

Umsolwa uboshwe waholwa eGermiston ngoLwesihlanu wuphiko loKlebe iCrime Against the State (CATS), oluyingxenye yeDirectorate for Priority Crime Investigation ezinze eGauteng.

Okhulumela oKlebe, uBrigadier Thandi Mbambo, uthe ukuboshwa komsolwa kulandela icala elibikwe ngasekuqaleni kwale nyanga.

Uthe ummangali kuleli cala yisikhulu esiphezulu enkampanini ezinze eKapa.


Uthe ummangali wathola wathola umyalezo ovela kumsolwa, lapho kwakusatshiswa khona uMengameli waseNingizimu Afrika.

“Umsolwa usolwa ngokuthumela imiyalezo eminingi esongela ummangali, umndeni wakhe kanye nemeya yaseKapa,” kusho uMbambo.

UMbambo wengeze ngokuthi lolu daba lubikiwe ethimbeni loKlebe elizinze eKapa leCATS.

“Benze uphenyo olusheshayo nokwaholela ekutheni umsolwa abanjwe eGauteng.

Umsolwa okwamanje uthuthelwa eKapa kanti kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseKapa ngoMsombuluko, 26 May 2025, lapho ezobhekana khona necala lokusabisa.”

UMbambo uthe uphenyo lusaqhubeka.