Izindaba

Kugwetshwe owaseMgungundlovu ngokukokotela izithombe zikaRamaphosa

UVEZE ukuthi uyazisola ngokunameka ubuso babahlonishwa bakuleli ezithombeni zabesifazane abanqunu.

Lokhu kudalulwe uThabiso Scebi Nene (34) ngesikhathi egixabezwa iminyaka emihlanu yinkantolo yesiFunda eMgungundlovu ngesikhathi iqeda kumlahla ngecala lalesi siga.

UNene ulahlwe yicala lokuthatha izithombe zabesifazane abanqunu azidokotele maqede anameke ubuso bukaMengameli wezwe uCyril Ramaphosa nobalowo bowayengungqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele.

Ngesikhathi ezincengela enkantolo ulivumile icala wathi uyazisola.

Uthe lokhu wakwenza ngenxa yokuzizwa elahlwe yingalo yomthetho ngesikhathi esasebenza kwaCoca Cola.

Ngaleso sikhathi wathola ukuthi kwakunowayemzingela, efuna ukumbulala. Walubika emaphoyiseni kodwa wangasizakala izikhawu ezimbalwa.

Kwehlula noma esebikele ihhovisi likaBheki Cele uqobo kodwa kwangaba nasisombululo.

Yingakho abona kungcono agadle kwamasemandleni, wasabalalisa lezi zithombe ezidokoteliwe.