AbakwaDStv sebelaxaze uMacG
SEKUSABALELE amahlebezi okuthi isilomo sekuhoxiswe uhlelo lwesilomo somsakazi.
UMacGyver “MacG” Mukwevho wodumo lweMacG’s Chill and Podcast esakazwa kuDStv usematheni namuhla kulandela ukuvela kwamahlebezi athi ngeke esabonakala kuDStv.
Nakuba singakaziwa okwamanje isizathu sakuhoxiswa kohlelo lwakhe kodwa izinsolo zikhomba inkulumo yakhe ebe nenhlabathi ngosaziwayo uMinnie Dlamini.
Emasontweni adlule uMacG waphawula ngendlela ehlambalazayo ngesitho sangasese sikaMinnie ngesikhathi esakaza esinye seziqephu zohlelo lwakhe..
Kulolu hlelo wayenozakwabo uSol Phenduka noGhost Lady.
Lokhu kwenze uMinnie wamthathela izinyathelo zomthetho nokuthe noma esexolisile kodwa icala langaholiswa.

