Izindaba

Kubhuntshe umngcwabo kubangwa isidumbu sekhansela

KUBHUNTSHE umngcwabo wekhansela le-IFP ngenxa yombango wesidumbu emindenini kamufi.


Umufi uPrincess Sebenzile Sibiya oyikhansela le-IFP kwaDukuza udlule emhlabeni ngoMay 16 kanti bekuhlelwe ukuba afihlwe izolo kodwa kwagcina kungenzekile.


Iziko lezindaba i-1KZN TV News, ibika ukuthi izinhlelo zimiswe isigubhukane kulandela ukuvela kolwazi lokuthi kunombango wesidumbu phakathi komndeni.


Ngokwemithombo, umbango uphakathi komndeni azalwa kuwo wakwaMthembu nalowo aganele kuwona okungowakwa Sibiya.


Le mindeni isize yafakana enkantolo nokuyikho okwenze kwagcina kungabanga khona umngcwabo izolo.


Udaba luyaqhubeka.