Izindaba

ISAPS ixwayisa ngamanga asabalele kuWhatsApp

AMAPHOYISA asexwayise umphakathi ngamanga asatshalaliswa kuWhatsAppp ngokumiswa kokusebenza iGauteng.

Lokhu kushiwo ngenxa yomlayezo osabalele koWhasApp otshela abantu ukuthi kuzoma yonke into nokusebenza eGauteng namuhla (ngoMsombuluko).

UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uFannie Masemola, usenxuse umphakathi ukuthi uzibe futhi uyeke ukudlulisa lo myalezo.

ISouth African Police Service ithi lo mlayezo ungamanga futhi uyadukisa.


Ingqikithi yalomlayezo ithi imigwaqo emikhulu izovalwa, kuvalwe izikole namahhovisi amakhulu okubalwa kuwona elenxusa lase-USA.

Amaphoyisa athi lo mlayezo kuhloswe ngawo ukufaka uvalo nokwethuka emphakathi. Ngaphezu kwakho konke unokugqugquzela udlame  nokuthi ukusabalalisa izindaba ezingelona iqiniso nokuyicala lobugebengu.