Ezokokungcebeleka

UViola Davis ugxeka abathi kubalawa abamhlophe eMzansi

ISIHLABANI somlingisi sase-USA sesigxeke izinsolo “zokubulawa kwabamhlophe” eNingizimu Afrika.

UViola Davis uphawule ku-Instagram wakhe nokuyilapho eveze khona ukutghi sekukaningi evakashela kuleli unolwazi ngakhuluma ngakho.

Lo mlingisi osehlomule ngezindondo eziningi ungene ezinkundleni zokuxhumana waveza ukuthi umi nabantu baseNingizimu Afrika abasolwa ngalo.

Embhalweni ku-Instagram, uDavis uthe, “Sekukaningi ngiba seNingizimu Afrika. Ngichitha isikhathi esiningi eKapa, ​​eStellenbosch, eFranschhoek, ePaarl, naseThekwini. akukho ngxabano. Akunasizathu. Ngikubonile ukucekelwa phansi kobandlululo.

” Ngiwabonile amalokishi nomonakalo owadalwa yingcindezelo kwabamnyama.”

Ube esetusa umsakazi weCNN u-Abby Phillips opheke ngogozwana ozakwabo abebegxeka uhulumeni waseNingizimu Afrika ngalesi zinsolo.

” Siyabonga Abby Phillips ngokukhuluma iqiniso, Ngimi nodadewethu nabafowethu baseNingizimu Afrika. Ngiyakuthanda,” kuphetha inkulumo ka-Viola.