Isililo kudlula emhlabeni uChweneyagae
SEKUDLULE emhlabeni isihlabani somlingisi owaduma kakhulu kwifilimu i-Tsotsi.
Umbiko weNewzroom Afrika udalule izindaba zokuthi uPresley Chweneyagae (40) akasekho emhlabeni.
Lo mlingisi uzakhele igama esamncane ngokudlala kwifilimu iTsotsi eyadla umhlanganiso kowezindondo zama-Oscar eHollywood ngo-2005.
Uphinde washaya into ecokeme emidlalweni ephambili kuleli okubalwa kuyona i- The River lapho edlale enguCobra.
UChweneyagae ubesanda kuveza ukuthi uzoyeka ukulingisa ukuze enze eminye imisebenzi.
Ukushona kwakhe kulahlekisele kakhulu amafilimu nemidlalo yeshashalazi yaseNingizimu Afrika.
Lolu udaba oluqhubekayo.

