Kukhalwa ngempakamo kuManyi oxoshwe esikhundleni
SEKUXOSHIWE isilomo sikasopolitiki esikhundleni sokuba nguSotswebhu weqembu loMkhonto weSizwe (MK) ePhalamende likazwelonke.
Umbiko weHazel Advertizing udalule ukuthi uMzwanele Manyi ufake amasondo kulesi sikhundla, kwasekufakwa uColleen Makhubela esikhundleni sakhe.
Ukukhishwa isigubhukane kuqubule izinkulumo mayelana noqhekeko ngaphakathi eqenjini.
Abangaphakathi bakhomba ukuzikhukhumeza kukaManyi nokwehluleka ukuhlanganisa noma ukuvikela ikhokhasi yakhe njengento ewumgogodla wokuwa kwakhe.
UMakhubele, ungsopolitiki osemnkantshubomvu kanti kulindeleke ukuthi alethe isitayela sokusebenzisana njengoba i-MK Party ibheka isikhundla sayo kwezombusazwe eNingizimu Afrika.
UManyi akakaphawuli esidlangalaleni ngokuxoshwa kwakhe.

