Izindaba

Ucela intethelelo owabulala ayemsola ngokujola nomkakhe

ICELA intethelelo indoda esolwa ngokubulala indoda eyayiyisola ngokujola nonkosikazi wayo.

U-Abednigo Mbuyane (39) ulivumile icala lokudubula nokubulala uThamsanqa Nkosi (34) phambi kweNkantolo eNkulu eMpumalanga eMbombela ngo-April 2023.

UMbuyane noNkosi babengamaphoyisa omgwaqo. 

Ebufakazini bukaMbuyane kuvele ukuthi washayela unkosikazi wakhe ucingo wamtshela ukuthi usenxanxatheleni yezitolo.

Umsolwa ubeselandela umkhondo wemoto yakhe wamthatha wambeka Kwanyoni Lodge nokuyilapho abona imoto yakhe ime ekamelweni lokuqala.

Kuthe uma efona, waluzwa lusabela ngaphakathi ucingo.

Wagqekeza wangena wabathola ngaphakatji egunjini.


Amadoda alwa kwaze kwaba uMbuyane udubula kabili ebhekise kuNkosi wagcina efile.


UMbuyane usenqatshelwe ibheyili izikhawu ezintathu kusukela aboshwa ngo-April 2023 kanti ugqunywe esitokisini.