Yinqwaba engeke iyithole imali yesibonelelo
BALINGANISELWA ku-210 000 abangahle bangayitholi imali yesibonelelo kaJune.
Lezi zindaba zivezwe ngabakwaSASSA abavumbulule ukuthi kunenqwaba yabantu okuthi bethola eyesibonelelo, baphinde bathole nenye futhi eceleni abangayivezanga kuhulumeni.
Lesi senzo siphambana nemigomo yokuhola njengoba uma uthola eyesibonelelo sikahulumeni kufanele ube ngumuntu ongatholi enye imali eceleni.
AbakwaSASSA bamema bonke labo abazoba seshweni lokungayitholi ngoJune ukuba bazochaza kabanzi emahhovisi akwaSASSA asondelene nabo ngesimo sabo sezimali.
Lokhu kuzosiza ukulungisa noma ukufaka ulwazi amahhovisi abo angenalo olumqoka oluthinta imininingwane kalowo othola imali yesibonelelo sikahulumeni.
Kulokhu, abakwaSASSA banqume izinsuku ezingu-30 ukuba bonke abangeke bayithole babavakashele emahhovisi abo ngokushesha.

