Uphume phambili owachamela impahla yomfundi omnyama
UTHOLWE engenacala umlisa omhlophe owachamela izimpahla zomfundi omnyama e-Stellenbosch University.
Lokhu kungenxa yokuqina kobufakazi bukammangali kuleli cala uBabalwa Ndwanyana.
UTheuns du Toit utholwe engenacala lokulimaza impahla ngemuva kokuchamela i-laptop kazakwabo.
Ngesikhathi kwenzeka lesi sehlakalo uTheuns wayengumfundi kusona lesi sikhungo.
Waqoshwa echamela impahla kaBabalwa Ndwanyana ayefunda naye.
Isenzo sakhe sacasula abaningi futhi sahunyushwa njengesokucwasa ngokwebala.
Wavulelwa icala lokulimaza impahla ngoMay 2022.
UTheuns akazange asiphike isigameko sokuchama, kodwa wathi sasingagqugquzelwa ukucwasa ngokwebala.
Lo mlisa waxoshwa kulesi sikhungo kungakapheli inyanga kwenzeke lesi sehlakalo kulandela isinqumo sekomidi lokuqondisa ubugwegwe.
Ummeli kaTheuns ucashunwe kwi-EWN ethi inkantolo ithe ubufakazi bukammangali abethembekile.
“Kuphinde kwabhekiselwa nezikhathi lapho uNdwayana ashintsha khona umqondo, uma echaza ukuthi wayengasithathi lesi sigameko njengokucwasa ngokwebala,” engeza.

