Izindaba

URamaphosa umile ekutheni akaphazamanga eqoka Isilo samaZulu

Abameli bakaMengameli uCyril Ramaphosa batshele iNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala ukuthi akenzanga iphutha ngokubona iSilo uMisuzulu kaZwelithini njengenkosi yamaZulu.

Umbiko weJacaranda FM uthi, uRamaphosa uye kule nkantolo ukuze kuhoxiswe isinqumo seNkantolo eNkulu, ebone ukuhlonipha kwakhe iSilo samaZulu njengento engekho emthethweni.

UMengameli wethule isitifiketi sokuhlonishwa kweSilo ngo-October 2022.

Ngemuva kwalokho, umfowabo weNkosi uMisuzulu, uMntwana uSimakade, waya enkantolo enkulu, wathi inqubo yokuhlonza umfowabo ethatha ubukhosi yayinephutha.

Namuhla ngoLwesithathu, abameli bakaRamaphosa baphikisene ngokuthi isinqumo akusona esakhe yedwa futhi ulandele imigudu efanele.

“UMengameli uphinde waba nencwadi phambi kwakhe, yango- August 5, 2021.


“Le ncwadi eyayivela kuNdunankulu waKwaZulu-Natal, eyaqinisekisa ukuthi iNdlunkulu yahlangana yaphakamisa iSilo uMisuzulu nokuthi kukhona ukuphikisa kweqembu eliholwa yiNkosazana uThembi noMntwana uSimakade,” kusho u-Advocate Marumo Moerane.

Iqembu likaMntwana uSimakade lifuna kukhishwe iSilo uMisuzulu bese kuvunyelwa ukuthi kuvuselelwe izinqubo zesintu ukuze kunqunywe ukuthi ngubani okufanele athathe isihlalo sobukhosi.

Abalandeli bale nkosana bakholwa wukuthi iyinkosi efanele njengendodana endala yenkosi engasekho uGoodwill Zwelithini.

Yize abameli bakaRamaphosa bethi izinhlangothi eziphikisayo zehlulekile ukukhombisa ukuthi iyiphi inqubo yesiko engazange ilandelwe ngendlela efanele, abadlulisi ibecala bathi amalungu abalulekile omndeni wasebukhosini awafakwanga ekuqokweni kwenkosi entsha.

Udaba lusaqhubeka ngoLwesine.