Bahlala kwaMashu abasolwa ngokubulawa kuka-Olorato
BAKHONJWA kwaMashu kwaH abasolwa ngokufa kuka-Olorato Mongalo (30).
UFezile Ngubane noSibongokuhle Makhanya bafunwa uthuli kanti amaphoyisa asebenxuse ukuba bazinikele emaphoyiseni.
Lokhu kulandela ukuthi amaphoyisa ethole imoto iVW Polo okusolwa ukuthi bayisebenzisa ekubulaleni u-Olorato ikhandwa ePhoenix.
Uphenyo luqale lwaholela ithimba endaweni yokulala eKew, eGoli lapho abasolwa ababili bebebhuke khona igumbi.
Olunye ulwazi lwabaholela KwaMashu eThekwini emzini womunye wabasolwa.
Njengamanje kusaboshwe ikhehla okukholakala ukuthi lingumnikazi wemoto kodwa amaphoyisa asathungatha laba ababili okukholakala ekubulaweni kuka-Olorato.

