Ezishaqisayo ngabasolwa ngokubulala u-Olorato Mongale
ULWAZI oluvele kamuva ngabasolwa abaqavile ecaleni lika-Olorato Mongale ludalula ukuthi basanda kuboshelwa amacala abucayi.
Kuleli cala elibhekene nabalisa abathathu bakwaMashu, kuvela ukuthi ababili kubona basanda kudedelwa ngabacala okuthumba, ukuphanga kuhlonyiwe, ukutholakala nempahla okukholakala ukuthi yebiwe nokukhwabanisa eHeidelberg Road eDalpark Ext 6.
Umbiko wamaphoyisa wango-April, uveza ukuthi abasolwa uBongani Mthimkhulu noPhilangenkosi Sibongokuhle Makhanya (abasesithombeni) babanjwa amaphoyisa endaweni echezile.
Kulesi sigameko wayengekho umsolwa wakamuva uFezile Ngubane.
Laba ababili abasesithombeni babenowesifazane owatyebukeka ethukile owaluthwa ngothando.
Baboshwa base bethweswa amacala abalwa ngenhla.
Nakhu namuhla basolwa ngecala lokubulala.

