Ezokokungcebeleka

Isililo kushona umlandeli omkhulu weGcokama Elisha

KUBIKWA ukuthi akasekho emhlabeni umlandeli kamaskadi obaziwa kakhulu kuTik Tok ngokungcofa abanye abaculi.


USiqiniseko Mvelase ongumlandeli omkhulu weGcokama Elisha, kuthiwa udutshulwe washona namuhla emini.

Nakuba lezi zindaba zisabalele ezinkundleni zokuxhumana kodwa bezingakaqinisekiswa.

Imibiko esabalele kuTikTok nakuFacebook iveza ukuthi uSiqiniseko ubekade exoxa bukhoma ngesikhathi kwenzeka lesi sehlo,


Kunamavideo asenamekiwe ezinkundleni zokuxhumana nokuthiwa yiyona nkulumo abephezu kwayo ngesikhathi elinyazwa.


Nakuba abantu abaningi besashaqekile ngalezi zindaba futhi bekhala kodwa kukhona abalokhu bekhuze njalo ukungcofa abantu nokuyinto esiyandile ezinkundleni zokuxhumana.


Udaba oluqhubekayo lolu.