Isobishini indoda ehalele ingane kuFacebook
ISOBISHINI indoda endala eyethuke ingane enem inyaka engu-12 ebivunule kuFacebook.
Umhuqa wendoda esikhulile usukele ingane eluhlaza cwe ebihlobe ngemvunulo wabhala amazwi angehlanga kahle kwabaningi.
Le ndoda ezibiza ngo-Igcokama Lokgcina kuFacebook, ubhale wathi esithombeni : ” Selingangena zimpisi ukhulile lomunt (sic)ninganaki ukuth (sic) una12. Ngitholekeni inamb yakh (sic).”
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal Colonel Robert Netshiunda ukuqinisekisile ukuthi udaba lusezandleni zamaphoyisa.   Â
Uthe: ” Amaphoyisa aseVerulam aphenya icala lobugebengu obuhlobene ne-inthanethi kulandela isigameko lapho intombazane eneminyaka engu-12 okuthiwa yafakwa ezinkundleni zokuxhumana ngowesilisa obhale inhlamba ngale ngane.”
Isenzo sale ndoda sigxekwe ngabaningi kuFacebook beyisola njengenye yezimbangela zokwanda kwezigameko hlaselwa kwabesifazane ezandile muva nje.

